Thursday, September 5, 2013

SEEK YE FIRST THE KINGDOM OF GOD IN YOUR MOTHER TONGUE ZULU SWAZI AND ALL: UKUPHAHLA NINE BAKITSI!

1.       Ikhona into engangiphethe kahle ngathi thina Sizwe Esimpisholo: sithanda ukwenzelwa izinto ngezinye izizwe futhi asinalo neze igqabho nokuziqhenya ngezinto ezingamasiko akithi njengakho belu “ukuphahla” engikwazi kangcono ngolimi engaluncela, IsiSwazi/Siswati.


2.       Bengingethande kulombhalo wanamuhla ukugeqa amagula kakhulu ngamaphutha ethu njengokuthatha izingane zethu emalokishini siziyise ezikolweni zaBelungu…. (“Uke walibonaphi wena ibhubesi licela inyoka ilikhulisele iwundlu, noma inyoka icela ibhubesi ikhuliselwe izinyane?”…kepha lokho yinto ejwayelekile kithi thina abomdabu lapha yize engekho noyedwa umntwana woMlungu engezwa kuthi uthathwe kumasabhabhu walethwa elokishini KwaMashu, Emlazi, Emdantsane, eSoweto, Kanyamazane, Seshego, Botshabelo nezinye izindawo…ingane ithi uma isifundile kulezo zikolo zabantu abamnyama iphindele eSilungwini iyodelela amasiko abeLungu?)

3.       Akwenzeki lokho kuBelungu kepha kithina abamnyama sekwaba yinsakavukela umchilo wesidwaba.  Lezinganyana zethu lezi ezinobuchoshana obuncane ezibucoshe kuBelungu zibuya ekhaya zingodokotela, abameli nezinye izicwicwicwi KEPHA EZINGAHLONIPHI LUTHO OLWETHU LWALAPHA EKHAYA NGENGESIKO ENGIFISE UKUKHULUMA NGALO:

4.       UKUPHAHLA.

5.       Ake ngiqale ngokuxolisa kulabo abafundiswe ngaBelungu ezikolweni: angisho neze ukuthi ukufundiswa nguMlungu kuliphutha khona ngobuqu babo, ingani baningi abeLungu abasaziyo futhi abasihloniphayo isintu sakithi! Kwamina ngifundiswe ngabo abeLungu lapho ngenza uGrade 12 kwesinye sezikole ezaziwa ngokuphakama ubuthathu kubantu abamnyama ngezikhathi zengcindezelo ye Apartheid… leso sikole-ke kwaku yiThembeka Senior Secondary School ngonyaka ka 1980.  Futhi kwakhona emazweni engangifunda kuwo ngisekudingisweni abeLungu base Norway, Canada namanye amazwe omhlaba babengifundisa futhi bengihlonipha njengomfundi wabo….OKUNGICASULAYO YIKUTHI ATHI UMUNTU NGOBA EKE WAFUNDISWA NGABELUNGE BESE EZENZA NAYE UMLUNGU HAYI BO YICHILO LELO!  Ake ‘siphahleni-ke’.

6.       Isiko lokuphahla yisiko laKwantu; kangangoba yonke iAfrika ingaka iyakwazi ukuphahla, ngisho nabeLungu imbala sebakhona abakwaziyo ukuphahla lokhu engikhuluma ngakho.

7.       Cha, angiyena usolwazi mayelana nalelisiko, kepha okuncane engikwaziyo yikho kanye engifise ukuthi ngicaphunelane ulwazi nawe ngakho ngengomfundi weblogu yami.
8.       Ngizoqala-ke ngento oyaziyo ukuze ngikwewezele phesheya kalula uqonde nalokho obungakwazi ngokuphahla.

9.       Ake ngithi uke wazibona izangoma ngejwayezi lazo lokuhamba zingafake sicathulo zingenambadada? Ngisho na uMose eMbhalweni ongcwele watshelwa ngokuthe bha ukuthi makakhumbule izimbadada ukuze akwazi ukuxhumana noMenzi wakho; kuyinamhlanje ungaya ezindaweni eziningi kwi-internet ufune ulwazi nzulu ngokuhlakanipha KEPHA ENYE YAZO NGUKWELULEKWA UKE UZINIKE ISIKHATHI UHAMBE UNGAGQOKE LUTHO ONYAWENI NGESIZATHU SOKUTHI LOKHO KUSIZA UKUDLONDLOBALISA UKUSEBENZA KWEZIQU ZOMZIMBA ZONKE (“reflexology” NGOLIMI LWASEMZINI), EKANTI AKUSEKHO NAMUNYE KOSOSAYENSI BANAMUHLA OSANGABAZA UKUTHI UKUSEBENZA KONKE KWENGQONDO YANOMAPHI UMUNTU KUSUKA KHONA EZIQWINI ZOMZIMBA KUYIMA KUFINYELELA ENGQONDWENI.

10.   Kepha konke lokho kwakwaziwa ngabantu bomdabu nangaphambi kokufika kwaBelung nesayensi yabo: ESIKUJABULEYO-NJE KUNYE NAKHO UKUTHI AKUKHO OKUSENZA NABELUNGU SINGABONI NGASO LINYE KEPHA UBUPHUKUPHUKU BETHU NJE OBUSENZA SILAHLE AMASIKO ETHU SIZENZE ABELUNGU ABAMNYAMA.
11.   Ngizoke-ngithole elinye ithuba kengibhale futhi ngobumqoka bokuzinika amathuba okungafaki izicathulo uma ngizokhuluma ngendlamu, ngekhaya likaThixo, nangobuhlakani beNkosi yaMazulu, uShaka obabugxile kakhulu ekutheni abantu bayeke ukuqhakambisa izimbadada kepha baziphe ithuba lokuxhumana noMdali okuthiwa ngesintu kwaziwa ukuthi uPhansi Komhlaba (nayo futhi okuyinto osengathi isayensi iyaqalisa manje ukuyivuma ukuthi “AKEKHO EZULWINI PHEZULU KEPHA UNGAPHANSI KOMHLABA UMDALI WETHU”).

12.   Ngidedele-ke Mfundi weBlogu yami ngigxile okwanamuhla ekuphahleni nakho okuyinto engisandakundiswa yona yisalukazi simbe nonyaka lapha eGauteng ngenkathi ngixakwe ngamacala nezinkantolo zami engikholwa ukuthi nawe usuyazi ukuthi AZIPHELI.

13.   Ukuphahla ngendlela engikwazi ngayo negama lona loku “phahla” (ngingengazi okwamanje ukuthi ngabe likhona na ngeSizulu)…ngikwazi ngolimi lesiSwazi/Siswati.


14.   Ukuphahla lokhu kuyindlela yokukhuluma noMdali wakho ucele izinhlanhla nempumelelo kulokho okufisayo noma ezinkathazweni zakho (kepha ngokokuqonda kwami awuzuphumelela neze uma izicelo zakho zingahambisene nothando lomndeni wakho, abangani nomphakathi ophila nawo, futhi lokho kuyisona sizathu kimina esenza ngibone ukuphahla kungaxabene nenkolo yamaKrestu futhi uma ungahle uphahlele ukuthi njengomfano ‘Makafe Umakhelwane Wami’ funa kufe wena kuqala!). Ngizama belu ukuchaza ukuthi ukuphahla akuyona indlela yokuthakatha noma ukukwenzela phansi omunye umuntu kepha izaba zokuziphephisa wena ngokwakho EQINISWENI, lona noJesu ake wakhipha amazwi ngalo ukuthi LIZOKUKHULULA.  Mina-nje ngokwami ngingezihluphe ngiphahlele ukwehlula omunye umuntu enkundleni noma ekhotho ngibe ngizazi ukuthi nginephutha KEPHA NGIYOQALA NGOKUYOXOLISA KUYENA FUTHI NGIKHOKHELE IZINDLEKO AKHALA NGAZO KUTHI-KE UMA EKWENQABA NALOKHO NGIFUKA OPHIRI BONKE NGIZOMPHAHLELA NGIMPHAHLAZE!

15.   Okunye futhi mina njengoPhiri engingeke neze ngizithole ngikuphahlela YI NOMA YINI EMHLABENI UMA IZITHAKAZELO ZABAZALI BAMI NGINGAZAZI.  Angiphahli uma ngingazi isibongo sikaMama sozalo, uyise owamkhulisa, noyise wesende.



16.   Angiphahli uma mina ngokwami ngingazazi isibongo nesithakazelo sami esisuka kubaba owangikhulisa, nesibongo sikababa wesende.


17.   Bakhona-ke nokho nabanye abahlanyayo lapha kulomhlaba kaShaka abaye bathe maqedane bangezwa ukuthi oyise ababakhulisayo akubona abesende, babhuduzele bashintshele izibongo kulaboyise abashaya isende konini maqedane babashiya dengwane…YIZINHLANYA LEZO FUTHI ANGIZOGXILA KUZO NJENGOBA NGIKUBONISA MANJE UKUTHI NGIPHAHLA KANJANI MINA GOODMAN MANYANYA PHIRI OWAKHULISWA NGUBABA UPHIRI NOMA “UBABA WESENDE NGATSHELWA UKUTHI NGUBABA USIHLONGONYANE”.


18.   Abasekho-ke emhlabeni obaba uBright Phiri owangikhulisa no Baba “uAlbert Sihlongonyane” owamithisa umama wamshiya ngingakazalwa noma sengizelwe kepha ngidengwane nomama engenamsizi.


19.   UPhiri wangitshela izithakazelo zakhe ngizazi zonke; ngisaxakexakekile ngezithakazelo zakwaSihlongonyane kepha akunani ngoba IDLOZI ELIKHULU KIMINA YILELI LAKWAPHIRI ELANGIKHULISA INGANI SIMUNYE LAPHA EMHLABENI KEPHA AYIKHO INDODA OKUFANELE IDLE IZITHUKUTHUKU ZENYE!


20.   Ngiyamazi uPhiri wayethanda ukudlani nokuphuzani ngoba phela ngikhuliswe nguye (noSihlongonyae uma ngizwile wayedlani ephuzani ngiyomcabangela).  Okumqoka lapha yikho ukuthi ekudleni naseziphuzweni zobaba (futhi ngiyokwenze njalo nasezidlweni zomama, zomakhulu, zobabamkhulu kanjalo kanjao) KUFANELE NGITHATHE UKHEZO OLULODWA (noma into engako) KUTHI UMA NGIBAKHULUMISA NGOSIZI NOMA UMBONGO WAMI (akuphahlelwa kuphela izingxaki nokubonga UYAKUPHAHLELA!) NGIBAPHE BADLE BAPHUZE!!!


21.   Abanye kokhokho bethu babebhema nokubhema; kukhona logwayi osewaziwa kakhulu eSouth Africa njenge “Sineyifu/SNUFF”.  Kuyokusiza ukuthi naso sibekhona (noma-ke mina ngokwami ngizokwengeza isigarethe ngenzele ubaba uPhiri engimazi ukuthi wayezithandela yona). Mayelana ne “Sineyifu/SNUFF”, uthe loGogo ongifundise ukuphahla angoqaphela ngingasebenzisi lesi esibizwa ngo “Taxi” kepha ngisebenzise esibhalwe “Ntsu”.


22.   Ngifisa ukuqeda lombhalo ngaleyondlela-ke ngingegeqe amagula sengathi ngiyemuka (baningi nabantu abajwayelekile ongababuza bakuthasisele ngalelisiko laKwantu). OKUMQOKA  NAKHU.


23.   Bonisa inhlonipho uma ukhuluma nabalele. Asikho isidingo sokukhipha imali uye enyangeni noma esangomeni ukuze ukhulume nabakin inyanga nesangoma babazelaphi abakini. Uma uwazi umlando wozalo lwakho kabanzi lokho kukwandisela izinga lokuphenduleka kahle emithandazweni wakho ingani ngokhokho abaningi abazokusiza. QAPHELISISA UKUTHI NGENKATHI UKHULUMA NOKHOKHO BAKHO UBEKA ESANDLENI SAKHO SOKUNENE UHLANGOTHI LAPHO ILANGA LISHONA KHONA, NGAMANYE AMAGAMA KUFANELE UBE NGUMUNTU OBHEKE ENINGIZIMU INGANI ININGIZIMU YILAPHO KUNESIQALO KHONA SAWO WONKE UMUNTU EMHLABENI.


24.   Ngikufisela inhlanhla!!!


Lona ukhuluma noMenzi wakhe ngendlela yokunxua okhokho bakhe... KWENZENJANI THINA AMA-AFRIKA SIYENQATSHELWA UKUKWENZA LOKHO NOKHOKHO BETHU BABIZWE NGAMADIMONI?

1 comment:

  1. Ndiyabulela ngemfundiso yakho. Izoceda kwelihambo lwam....ingaba akhona amaxesha umuntu ekumele aphahle ngawe?

    ReplyDelete